Umasipala nezinhlelo zokuthenga amajeneretha
Yize ukucima kugagesi phecelezi I Load-shedding kunomthelela ongemuhle ekuphakelekeni kwemiphakathi yethu amanzi, kuphinde kufake nengcindezi kuma-systems asetshenziswa umasipala, isigungu esiphezulu somkhandlu siphezu kwezinhlelo ezintsha zokuxazulula lesimo.Yize uMasipala woGu ungabhekelele ukukhiqizwa kukagesi kodwa ukungabikho kukagesi noma ukuphazanyiswa kokusebenza kukagesi ngezizathu ezahlukahlukene, nokubalwa kuzona ukuntshontshwa kwamaCables, ukubulalwa kwamaelectrical panelskuma pump stations Kanye neLoadsheddingkuholela ekhuthaneni kungabilula ukuqinisekisa ukuqhubeka kokuhlanza nokuphaka amanzi.Yize lenkinga ibhekene nabo bonke Omasipala abaphethe ezamanzi, Umasipala woGu usezinhlelweni zokuthenga amajeneretha. Abezamanzi sebefake isicelo sezimali kuhulumeni kazwelonke ukuze umasipala ukwazi ikuthenga imishini yokwenza ugesi. Lokhu kuzosiza ekutheni umaSipala ukwazi ukuphaka amanzi yize uGesi ungekho.Umasipala woGu uzophinde ufake isicelo sokuba abakwa Eskom bangawuvali ugesi kulezindawo ezinengqalasizinda yomkhandlu. Yize lezinhlelo ziqhubeka, nesibheke ukuba zibeyimpumelelo ngoJuni kulonyaka, siyaqhubeka nokuphaka amanzi ngokusebenzisa i-Damu uma kufika lezizikhathi. Kanti ke namaloli amanzi ayaqhubeka ukuhambisa amanzi ezindaweni ezishayekile ngenxa ye Loadshedding uma isimo siphoqa.Umasipala udlulisa ukunxenxa imiphakathi ukuba iqhubeke nokubheka izikhathi zokucima kukagesi kwi website yakwa Eskom, yize uma iqala, umkhandlu uyaye ubhale isimemezelo kumakhasi awo ezokuxhumana I Ugu District Municipality Facebook Page, wazise namaKhansela ngezindlela ezahluka-hlukene.Imiphakathi, iyanxenxwa futhi ukuba iqhubeke isebenzise amanzi ngokucophelela.Yiba yingxenye ka Fesbhukhi wethu ukuze uthole izindaba ezigcwele ngomkandlu kanye naokunye okuphathelene namanzi. Cindezela u like kwikhasi lethu lika fesbhukhu “Ugu District Municipality”.ENDSISSUED BY:UGU DISTRICT MUNICIPALITYFor more information and media queries contact:Acting Senior Manager: Mayoralty and CommunicationsMr Mondli NcaneMondli.Ncane@ugu.websitesupport.co.za