UGU NOMHLANGANO WOKUHLINZEKWA KWAMANZI ESIZWENI SASEMABHELENI – EMZUMBE
Namuhla, uMasipala Wesifunda SoGu, uholwa ubaba uMeya, uKhansela Sikhumbuzo Mqadi Kanye noMphathi Masipala uMnuz Vela Mazibuko ube yingxenye yomhlangano wokuxhumana nobuholi bendabuko endaweni yaseMabheleni ngaphansi kobuholi buka Nkosi Mbhele, ngenhloso yokwethula umbiko wokuhlinzekwa kwaManzi emiphakathini yaseMabheleni.Â
Esethula inkulumo yakhe Kulomhlangano, uKhansela Mqadi ukubeke kwacaca ukuzimisela komkhandlu woGu ngokuqhubeka nokuphucula isimo samanzi kulendawo, kwazise ingxenye yezindawo ezakhelene isiyawathola amanzi.Â
Inkosi Mbhele idlulise izicelo zomphakathi yaphinde yanikeza amalungu ekoMkhulu ithuba lokukhuluma ngokukhululeka, aveze izinselelo abhekene nazo futhi abuze imibuzo ngezinsiza ezahlukene.
UMasipala Wesifunda SoGu uzibophezele ekuqhubekeni nokusebenzisana nobuholi bendabuko, Â kanye nemiphakathi ukuze kuthuthukiswe ukuphakwa kwamanzi, nokuphuculwa kwezinga lempilo yabantu.Â
Siyabonga
uMasipala WoGu